You are seeing this because you have not yet updated your iBlog. Click on settings to edit...
Uklolodile uMugabe ezalwa
12 years ago | 21675 Views
UMENGAMELI uMgabe uzishaye isifuba ngokuthi ungumqemane izolo ngesikhathi egubha iminyaka engu-88 azalwa. Ubeklolodela laba ababelesele ngokuthi kumele athathe umhlalaphansi kube nokhetho lukaMengameli omusha kulo nyaka.
"Lusazofika lolo suku lapho ngizobe sengigula, sengibuthakathaka," kusho uMugabe (osesithombeni) ekhuluma nomsakazo kahulumeni kuleliya zwe, iRadio Zimbabwe. Lapha ubephebeza izinsolo nengebhe ekwabaningi yokuthi impilo yakhe isibuthakathaka.
"Njengamanje ngingumqemane," usho kanje.
Ehleka usulu, uphawule ngemibiko ethi uphethwe yisifo esinzima uthe: "Sengibulawe kaningi kabi." Ngalokhu ubeqonde ukuthi kade kwakuphuma amahlebezi okuthi ushonile ebe ephila.
"Yilapho ngimehlula khona uJesu Kristu. Sengife ngavuka, angazi iziqubu ezingaki," esho encokola.
UMugabe, useqhoqhobale lesi sikhundla kusukela ngo-1980.
Uthe usazolungenela futhi ukhetho lukaMengameli athe kumele lube kulo nyaka.
"Kusemandleni abantu namalungu eqembu lami ukuthi aqoke omunye uma mina sengithi kulungile-ke sengithatha umhlalaphansi manje. Kodwa-ke lokho ngeke kwenzeke njengamanje. Kule minyaka enginayo liselide ibanga engisengalihamba. Akunjalo?" kubuza yena.
UMugabe waqokwa ngoDisemba yiqembu lakhe iZanu-PF ukuba aphinde futhi angenele ukhetho lokuba nguMengameli.
"Akekho ongangena awine okwamanje," kuphetha uMugabe.
INTATHELI YESOLEZWE
"Lusazofika lolo suku lapho ngizobe sengigula, sengibuthakathaka," kusho uMugabe (osesithombeni) ekhuluma nomsakazo kahulumeni kuleliya zwe, iRadio Zimbabwe. Lapha ubephebeza izinsolo nengebhe ekwabaningi yokuthi impilo yakhe isibuthakathaka.
"Njengamanje ngingumqemane," usho kanje.
Ehleka usulu, uphawule ngemibiko ethi uphethwe yisifo esinzima uthe: "Sengibulawe kaningi kabi." Ngalokhu ubeqonde ukuthi kade kwakuphuma amahlebezi okuthi ushonile ebe ephila.
"Yilapho ngimehlula khona uJesu Kristu. Sengife ngavuka, angazi iziqubu ezingaki," esho encokola.
UMugabe, useqhoqhobale lesi sikhundla kusukela ngo-1980.
Uthe usazolungenela futhi ukhetho lukaMengameli athe kumele lube kulo nyaka.
"Kusemandleni abantu namalungu eqembu lami ukuthi aqoke omunye uma mina sengithi kulungile-ke sengithatha umhlalaphansi manje. Kodwa-ke lokho ngeke kwenzeke njengamanje. Kule minyaka enginayo liselide ibanga engisengalihamba. Akunjalo?" kubuza yena.
UMugabe waqokwa ngoDisemba yiqembu lakhe iZanu-PF ukuba aphinde futhi angenele ukhetho lokuba nguMengameli.
"Akekho ongangena awine okwamanje," kuphetha uMugabe.
INTATHELI YESOLEZWE
9
Tags: Mugabe
Comments

Anonymous user 12 years
Ukloloda ngakhona ngoba esazi ukuba akekho umuntu angamthinta. Isiminingi imnyaka etanasa nje ngoba wawuhlela kahle umbuso wakhe wabatshaya emathuphuleni abebengamphikisa bamkhiphe entandweni yakhe. Uhlele kahle ngokubulala izinkulungwane zabantukazana zingelazikhali lokuba lezikhali ngo1983-1987. Ubabhuqile abantu ngoMurambatsvina bethuka besaba. Bamvotele eyedwa ngo2008 besesaba. Akekho ongamethukiyo okwamanje. Kaboni kulomuntu ongamenza isiGaddafi. "Akekho ongangena awine okwamanje"! Uqinisile - akekho ongamelana laye ngoba okwamanje abeZimbabwe bangeke bavukele loba sekutheni. Kulungile ukuba ambuluze sambulumakhasana ngoba kababangaki abangafuna ukuphakamisa isandla bambambabambe bamethuse ukuze aphethe esenanzelela amalungelo akobantu lokuhlambaza uzulu zsekwenze yonke le iminyaka. Kawasekho amaqhawe kaMzilikazi loLobhengula wamawaba! Aluba abe ekhona ubuzakudla endodeni umkhonto!

Anonymous user 12 years
Kambe uzulu wakuleli uzahlala evuma ukuhlanjazwa lokudliswa imbuya ngoluthi kuze kube naphakade? Kusamangalisa ukuba abantu abekade bezwana lenkululeko izolo, abagqibulane lomlungu belwela amalungelo abo, abasesekhona emhlabeni, bavaleke amehlo kabasiboni isizatho lomlandu wokuzikhulula emajogweni okucindezelwa ngonsundu! Kambe bangabe besithi ukunyathelwa ngomnyama kumnandi kakhulu? Ngisaswele ukuzwisisa okupheleleyo ukuba kungani amaqhawe ezolo eqhubeka engabantwana lomdaka ezandleni zomuntu osezilwela lama88 eminyaka yakhe! Indaba ikhona!

Anonymous user 12 years
Yekela azikholisele umfana wesiShoneni! Umdango ngowakhe! kakho osakwazi ukuba kusinwa kudedelwana. Kakho olesibindi sokumkhumbuza!

Anonymous user 12 years
Engeyisiso isipoko santolontolo yeyeni bantu! Kambe buthakathi bani avale ngabo amehlo abantu bonke laba abamesaba kangaka?!

Anonymous user 12 years
Ngibale le indatshana elotshwe ngu Mnumzana kumbe nguNkosazana Malema ngo kudana okukhulu. Ngidaniswe kakhulu lulimi lumuntu alusebenzisileyo ngoba lungaqondana. Isibonelo ubhale wathi UMengameli kulokuthi UMongameli waphinda wathi u Disemba kulokuthi UMNcwabakazi, 88 kulokuthi iminyaka engamatshumi ayisificagalombili lasificagalombili.
Ngiyafuthelana kakhulu ngabantu abehluleka ukuloba isiiNdebele ngokuqondileyo
Ngiyafuthelana kakhulu ngabantu abehluleka ukuloba isiiNdebele ngokuqondileyo

Anonymous user 12 years
Ukuthi U Mengameli, yisiZulu. Akusona isiNdebele. uDecember nguZibandlela ngesiZulu. In the interest of ukufinqa, angeke nje ngibhale amatshumi ayisificagalombili lesificagalombili kulokuthi ngibhale "88" kuphela qha. Ngiyahleka ngoba ngiyasazi isiNdebele kodwa isikhathi asivumi ukubhodabhoda ngamagama angathi umuntu ulima engcwabeni. Lol,

Anonymous user 12 years
Awaqakathekanga kangako amagama kaZibandlela - December (UZibandlela engasuJanuary bantu!), okuqakathekileyo yikuransa kukaMgabe owazi ukuba akulamuntu ongamelana laye amkhuze kumbe amkhuphe esikhundleni! Usemile ilunda njengenkunzi yebhuramani! Lizamenzani?

Anonymous user 12 years
Akubalulekanga madoda ukuthi umuntu ukhuluma uthini, isiZulu yisinguni its one family gents.. into eqakathekileyo yinkulumo engaphakathi.. simple yekani ukudinga amaphutha endaweni e-wrong. ngiyabonga mina.. sengizophawula ngomvulo. Mike Ndlovu... Tsholotsho

Anonymous user 12 years
AMatshona ayafana, yekelani ukulandelana lezinto elingaziyo ukuthi inkaba yazo ilahlwa njani. uTswangirayi laye ngumkhoba ongazicabangeliyo, uzalilethela izitabane layo yonke isatanism yama[Some people] in the name of stupid demacracy. Okwamanje akulamuntu ofanele ukuba ngu president elizweni. Vuselelani uMthwakazi kulokuba yizikhothamathe zabo tea boy lemidlwane engo Tshamisa.
What iBlog
-
Snake girl attracts crowd & tourists to Thailand
Posted: 2014 January 15 | 41479 Views -
Why did Robert Mugabe receive a bigger cheer than Jacob Zuma at Mandela's memorial?
Posted: 2013 December 10 | 51832 Views -
Tsvangirai now losing control of MDC-T
Posted: 2013 September 20 | 10880 Views -
Tsvangirai must resign
Posted: 2013 September 20 | 12435 Views -
Is the Bible against alcohol? part 2
Posted: 2013 September 20 | 17661 Views -
Is the Bible against alcohol? - part 1
Posted: 2013 September 20 | 17767 Views -
Ibbo Mandaza is shallow and derailed in intellectual & political analytic ability
Posted: 2013 August 08 | 11707 Views -
Tsvangirai in Parliament dilemma
Posted: 2013 August 08 | 9934 Views -
Predestination! God's or Man's!
Posted: 2012 October 23 | 17793 Views -
Homosexuals have no place in African culture
Posted: 2012 March 02 | 40178 Views -
Uklolodile uMugabe ezalwa
Posted: 2012 February 22 | 21675 Views -
Letter from King Leopold II of Belgium to Colonial Missionaries, 1883
Posted: 2012 February 20 | 19876 Views -
Signs of a healthy relationship
Posted: 2012 February 06 | 11960 Views -
Hamba kahle, mnumzane Robert Gabriel Mugabe
Posted: 2012 January 27 | 22586 Views -
Amazing How People can push for an agenda
Posted: 2012 January 24 | 10226 Views -
Blame me on History: The People of Matebeleland their case and proposed solutions to their Predicame
Posted: 2012 January 23 | 73172 Views -
Slimming guide for men
Posted: 2012 January 12 | 9982 Views -
The Dictator who cried fowl
Posted: 2011 December 08 | 18978 Views
Categories
Friends
Tags iBlog
Nxayezwe Bones Phonesheriff mspy mobile spy spy software parental control Water Bcc Zimbabwe freedom poem the promises of my people Eddie Murphy Oscars Banking trojan trojan zeus g data anti virus Myths Hiv Lobengula Byo Swears Councillors Heart Poet Testicles Stiches Ntombiyami Homosexual Africa Tsvangirai Anthem Matabeleland Libya