You are seeing this because you have not yet updated your iBlog. Click on settings to edit...
Hamba kahle, mnumzane Robert Gabriel Mugabe
12 years ago | 22585 Views
Umongameli waseZimbabwe umnumzane Robert Mugabe kumele athathe impesheni (pension), njengoba benza nozakwabo asebekhule njengaye o Nelson Mandela, Ketumile Masire kanye nongasekho uJulius Nyerere.
Lokhu ngikusho ngoba ngibona indlela esenkingeni ngayo iZimbabwe, kwezomnotho kanye nakwezenhlalakahle yomphakathi. Lelikhehla elinguMugabe licekela abantu balo phansi ngokufuna ukubambelela ezintanjeni zombuso noma selibona ukuthi kayisekho indaba kulo selifana nebhova lenja elidala eselikhonkotha nje kuphela lingasenamazinyo.
Uma ulandela kahle inkinga yaseZimbabwe ayiqali manje ngoba sekushaywa kubulawa abalimi abamhlophe kubangwa imihlaba, kade inkinga yaqala buka nje isimo somnotho wezwe lakhona ihlaya phela leli, kungakho nje nathi lapha eMzansi Afrika sine nkinga yabantu baseZimbabwe nakwamanye amzwe angomakhelwane balambile, ubani ongamela indlala? Nami nje ngiyimi uma ithumbu likhala alibekezeleleki ngizama ngakokonke ukuthola okuya ngase thunjini ukuze ngiphile.
Buka nje uma uqhathanisa iZM$ neRandi laseningizimu Afrika liwu 18c pho ubani ongabekezelela lombhedo. Ake sibuke inkinga iZimbabwe ebhekene nayo njengamanje udaba lwemihlaba, Ngokwesibukeli nje esinjengami leli nje yisu lalikhehla elinguMugabe lihlangene nalabafanyana kanye namakhehla empi yase Rhodesia yokusabisa abantu, nakhu phela nokhetho seluseduze ukuze baphinde futhi balivotele libuyele esikhundleni sobumengameli. Phela uma sekukhulunywa iqiniso uMugabe uchitha isikhathi esiningi endiza ngendiza yakhe kanokusho nesinqandamathe sakhe kunokuba afukule umnotho wezwe lakhe.
Udaba lwemihlaba lona udaba olubucayi umakungukuthi ulandela kahle isimo salo kakhulukazi kumazwe abe ecindezelwe, Kodwa bheka lapha eNingizimu Afrika noma udaba lwemihlaba lungakaxazululeki kahle kodwa ithemba likhona ukuthi hayi seyoye kulunge bathokoze bonke abathintekayo.
Sikhule kuthiwa amakhehla osiyazi ngoba kade ayebona empilweni umqondo wawo ujule kabi kodwa uRobert Mugabe ungenye nje inhlobo yekhehla angikaze mina ngimbone umuntu omdala osashabasheka njengalona uphansi phezulu noma sekona kala akabhuli umlilo kunalokho ayawukhwezela ukuthi mawushe uye phambili.
Labantu ababizwa ngokuthi izishoshovu zempi cha abanazwelo, hawu! babulale baze babulale nenja pho islwane senkosi ngoba singakwazi ukuzikhulumela. Ukuthi abelungu bafika baziklamela ezweni lawo babamkhulu akuphikwa lokho futhi akekho noyedwa umuntu omnyama okumphatha kahle kuyoyonke i Afrika jikelele ngisho ne Zimbabwe imbala kodwa lokho akusho akuthi akuchitheke igazi kufe abantu, Mhlawumbe ukube bazama enye indlela eZimbabwe yokulungisa lesisimo ungabe akuzange kube khona ukuchitheka kwegazi okungaka nokulahleka kwemiphefumulo kusale izintandane nabafelokazi. Amazwe amaningi ayazihlangula athi indaba yomkhaya lena kawafuni ukuzigaxa kodwa phela uma umuntu enhlanhlatha akayekwa nje aze ayoziphonsa eweni uyaboniswa ukuze asizakale.
Ngicabanga ukuthi isikhathi sifikile manje sokuthi umkhulu uRobert athi khumu adedele intsha (youth leader) enombono osemusha (fresh ideas) ukuze nabantu base Zimbabwe bathuthuke kwezomnotho. Futhi manje kufuneka umuntu oqotho ozonika nomkhombandlela oyiwo (direction).
Skhumbuzo Mthembu kaMvelase

9
Tags: Mugabe
Comments

Anonymous user 12 years
what ever

What iBlog
-
Snake girl attracts crowd & tourists to Thailand
Posted: 2014 January 15 | 41478 Views -
Why did Robert Mugabe receive a bigger cheer than Jacob Zuma at Mandela's memorial?
Posted: 2013 December 10 | 51830 Views -
Tsvangirai now losing control of MDC-T
Posted: 2013 September 20 | 10880 Views -
Tsvangirai must resign
Posted: 2013 September 20 | 12433 Views -
Is the Bible against alcohol? part 2
Posted: 2013 September 20 | 17660 Views -
Is the Bible against alcohol? - part 1
Posted: 2013 September 20 | 17767 Views -
Ibbo Mandaza is shallow and derailed in intellectual & political analytic ability
Posted: 2013 August 08 | 11706 Views -
Tsvangirai in Parliament dilemma
Posted: 2013 August 08 | 9932 Views -
Predestination! God's or Man's!
Posted: 2012 October 23 | 17792 Views -
Homosexuals have no place in African culture
Posted: 2012 March 02 | 40177 Views -
Uklolodile uMugabe ezalwa
Posted: 2012 February 22 | 21674 Views -
Letter from King Leopold II of Belgium to Colonial Missionaries, 1883
Posted: 2012 February 20 | 19875 Views -
Signs of a healthy relationship
Posted: 2012 February 06 | 11959 Views -
Hamba kahle, mnumzane Robert Gabriel Mugabe
Posted: 2012 January 27 | 22585 Views -
Amazing How People can push for an agenda
Posted: 2012 January 24 | 10226 Views -
Blame me on History: The People of Matebeleland their case and proposed solutions to their Predicame
Posted: 2012 January 23 | 73171 Views -
Slimming guide for men
Posted: 2012 January 12 | 9982 Views -
The Dictator who cried fowl
Posted: 2011 December 08 | 18977 Views
Categories
Friends